Uncategorised

KUSOLWA UBUGWALA KOGULE EZONGENA ERINGINI

UPHROMOTHA uCebisa Xulu emi noWendy Gcadu okwesokunxele olukile ekhanda noNobengazi Booth ngemuva kokukalwa ngoLwesine eShowe

MABUNHLE MLABA

USOLWA ngobugwala umpetha wesicoco saseNingizimu Afrika uSupermiddleweight uWendy “The Rose” Gcadu, obike ukugula ngaphambi kwempi noNobengazi Booth, eShowe eTown Hall ngoLwesihlanu ebusuku.
Kuthiwa uGcadu uqale ukungazizwa kahle emzimbeni ekuseni waphuthunyiswa esibhedlela, lapho udokotela enqume khona ukuthi akekho esimweni sokungena eringini.
UGcadu ubezobe evikela okokuqala leli bhande alinqoba ngamaphuzu kuNoxolo Mkhasibe, empini eyayiKwaDukuza ngoZibandlela odlule.
UPhlorian Mnikathi oqeqesha uBooth ngaphansi kweNkonjane Boxing Gym eMooi River usole ngobugwala umpetha.
“Iyangidida lento yalo mpetha yokubika ukugula sekufike isikhathi sokuthi kuliwe. Into engiyibonile ubegcwele amanzi emadolweni, ngoba ebona ukuthi liyolala eMooi River ibhande. Phela ukhumbule ukuthi ekuqaleni samthela ngesibhaxu manje ubebona ukuthi kuzomphinda futhi lokho,*kusho uMnikathi.
Ikhempi kaGcadu ayitholakalanga ukuphawula kodwa uMike Dube obeyiSupervisor yeBoxing South Africa (BSA) kulo mqhudelwano uthe. “Ngingakuqinisekisa ukuthi uWendy uhlolwe odokotela ababili abathe akekho esimeni sokulwa. Ophromotha oCebisa Xulu noNomvelo Magcaba kuzomele bahlele olunye usuku lwale mpi.”