EkhayaIzindaba

USUKU LOMSHUNQO LUFUDUKELA EDOLOBHENI ETHEKWINI

UMBHALO : SANDILE MAKHOBA
newsroom@selectafricanews.com

BEKUMHLOPHE QWA KwaMashu kulandela ukugasela kukaDladla Mshunqisi nabaseki bakhe abebedlubhe ezimhlophe, behamba nojenge lwezimoto obelulandelana.

Inhloso yalokhu bekuwukuzo khumbuza abantu ngomcimbi wakhe, oba minyaka yonke obizwa ngoSuku loMshunqo ozokuba ngomhlaka-30 November kuwo lo nyaka.

Lo mcimbi kuzokhumbuleka ukuthi phambilini ububanjelwa kwaWiseman car wash, KwaMashu kodwa kulokhu uzokuba enkundleni yezemidlalo iBerea rovers, eThekwini.

Ukukhula ngesasa abantu ababenalo ngoSuku loMshunqo, kugcine sekugcwala kakhulu, yingakho abahleli bawo, beqome ukuyisa endaweni evulekile.

“Ayi ngoba sibalekela KwaMashu kodwa sifuna indawo evulekile, abantu baKwaMashu sicela baphume ngobuningi ngoba umcimbi wabo lo ukuthi nje ususedolobheni,” kusho uDladla Mshunqisi.

Izimoto ebezifakwe isikhangiso salo mcimbi, zingene kwashaywa amakhwela.

Zihambele ilokishi lonke laKwaMashu , nase nxanxatheleni yezitolo.

Umphakathi ubujabule ubona osaziwayo abahlukene abebephelezele uzakwabo uDladla Mshunqisi. Amathikithi asatholakala.