Uncategorised

INDODANA KA-PITSO IKHONJWA PHESHEYA

UMBIKO: MABUNHLE MLABA
umusamedia1@gmail.com

KUBUKEKA ukhamba lufuze imbiza kwindodana kamqeqeshi uPitso Mosimane, uReatlegile njengoba kungenzeka isayinwe izinkunzi zase-Italy i-AS Roma.
UReatlegile usezakhele igama njengoba eqhulula amagoli eleqenjini leKaizer Chiefs labadlali abangaphansi kweminyaka engu-14. Uvamise ukuhlabana ngomklomelo wokushaya amagoli amaningi kunabanye kule Ligi yaseGauteng. Kuthiwa usechithe inyanga kuleliya qembu laphesheya futhi kuthiwa usehlabe umxhwele abaqeqeshi bakhona.
UMosimane wake watshela leli phephandaba ukuthi izinkunzi zaseGermany iBorrusia Dortmund yayifuna ukumthatha uRea iyomfaka enkulisa yayo kodwa wanqaba ngoba efuna ukuthi aqine ukhakhayi kancane.
Uma egcina ngokuthathwa uzobe efuze uyise uPitso owaqala ukudlala kwiJomo Cosmos wadlulela kwiMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates ngaphambi kokuwelela phesheya eGreece wadlala kwi-Ionikos ngonyaka we-1989. Udlulele kwi KFC Rita Berlaar yaseBelgium wagcina kwi-Al Sadd yaseQatar. UPitso usebalwa nabaqeqeshi abahlonishwayo e-Afrika naseMiddle East ngenxa yemisebenzi yakhe. Usenqobe izicoco ezintathu ze-CAF Champions League. Uqale wayiqubula neSundowns ngonyaka wezi-2016 wayiphinda kabili ne-Al Ahly yase-Egypt ngoka-2019 noka 2020. Ufike eSaudi Arabia wabuyisa esigabeni esikhulu i-Al-Ahli Jeddah ngowe-2022. Njengamanje akaqashiwe ngemuva kokuhlukana kabuhlungu ne-Esteghlal yase-Iran ngenxa yokungakhokhelwa ngendlela ekwakuvunyelwene ngayo kwinkontileka. Umatasa nesikole sezingane zamabanga aphansi lapho esebenzisana nezikole zaseGoli namaphethelo.