UTSHATHA UNYIWE YISIKIMU KU-SIGIYA NGENGOMA KU-KHOZI FM

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
NAKUBA uTshatha ebebonakala elibambe ngomthetho kaMoses uhlelo lukaSigiya Ngengoma ku-Ukhozi FM kodwa ubhalakaxwe ngaphandle kulolu hlelo.
Lezi ziguquko zethulwe abaphathi boKhozi FM,kuhlelo iBreakfast Show, okulindeleke luqale ukusebenza ngenyanga ezayo mhla lulunye ku-April.
Le nsizwa esiqinile yaKwaNongoma ibesehlale isikhathi eside kulolu hlelo, inyiwe isikimi kwangena insizwa yaseNkandla uVusizwe Langa, ozolushayela lolu hlelo ngokubanbisana noBingelela Mpanza.
UTshatha okuyinsizwa eyafika kulolu hlelo ingathembisi ukuthi izokwazi ukungena khaxa ngoba bekuwumuntu obekhonza koFakazi bakaJehova, kodwa yafika yangena khaxa, kulo hlelo oludume kubantu ukuthi ngolwamabhica, nokuwuhlelo oluthandwa kakhulu.
Lolu hlelo uTshatha uke walushayela noNgizwe Mchunu okuyinsizwa eyanyiwa yisikimu, yagcina isibhalakaxwa ngaphandle naku-Khozi FM.
Ngesikhathi belushayela bobabili lolu lwazakhela kakhulu uthando kubalaleli, kwagcina nobubhinca busemfashinini, wabona ngogilama nentsha ingena khaxa ekulaleleni umculo kaMaskandi.
Yilapho waqala khona ukuba semfashinini umculo kaMaskandi owawuyamaniswa nobuqaba phambili.
Lolu hlelo nothando lomculo wesiNtu, lwaqala ukufuqwa kubantu ngesikhathi sikaBhodloza Nzimande iNgulubencane yasePhatheni eRichmond ongasekho.
UMaskandi uthathe ishephu yokuba semgangathweni wathandwa, kwenziwa imicimbi yayo esezingeni ngesikhathi sikaMlamuli Nxele kuKhozi FM.
