IBE IMPUMELELO IMIDLALO YABANTU ABASHA EVRYHEID

IMEYA uCllr Sifiso Mkhwanazi iklomelisa abadlali abenze kahle.

ABESIFAZANE bekladulisana kwibhola lomnqakiswano kungekho ofuna ukuhlulwa. IZITHOMBE: ABAQULUSI MUNICIPALITY
NOMCEBO NGEMA
IBE impumelelo imidlalo ehlose ubumbano kubantu abasha baseVryheid, ebisenkundleni yezemidlalo eCoronation, kuWard 6.IMeya kaMasipala waBaQulusi uCllr Sifiso Mkhwanazi, uthi inhloso yalemidlalo ukugubha inyanga yabantu abasha (uNhlangulana) kanye nokubagqugquzela ukuthi isikhathi sabo basisebenzise ngendlela elungile futhi eyakhayo.
“Kuyangijabulisa ukuthi intsha yaseBaQulusini iyijabulele kakhulu le midlalo futhi yaba impumelelo enkulu. Njengoba le midlalo bekungeyesihle nobumbano, wonke amaqembu abekade engenele le midlalo athole amamedali kanye namabhola amasha. Bantu abasha kubalulekile ukuthi nithande ezimidlalo ngoba ningagcina niziphilisa ngazo futhi kube umsebenzi eniziphilisa ngawo njengabo bonke abadlali abadlala ezingeni eliphezulu futhi elikhokhelayo,” kusho iMeya uMkhwanazi.Iward elibashaye bonke kwibhola lezinyawo kube uward 06, othole isamba semali kanye nejezi le-Diadora, kwathi kwibhola lomnqakiswano uward 11 wakhala wemuka nesicoco.
