UKHAWULA UKHOMBE INGCAPHA KWIZIKHUNGO ZOBUCIKO UKUZITHUTHUKISA

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
UNGQONGQOSHE wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uMnuz Mntomuhle Khawula, unxuse izigcinamagugu ukuthi zenyuse amasokisi, zizi jwayeza ukwenza izinto ngendlela ehlukile, ezohambisana nokuguquguquka kwemiphakathi eziphila kuyo.
Lokhu ukuveze ngesikhathi ekhuluma emgubhweni we-International Museum Day obuse-Howick, obe esezwakalisa isifiso sokuthi iCapture Site ithuthukiswe ibe yisikhumbuzo esihambisana nesimo salowo owayenguMengameli uNelson Mandela ongasekho.
“ Kufanele ukuthi lezi zigcinamagugu zenze izinto ezintsha, ukusondezela imiphakathi imisebenzi yamafagugu ngokungabandlululi, ukuzisimamisa nokwenza imali ngemisebenzi yazo.
Uthe into ezobeka esicongweni lezi zondawo ukuthi zibambisana futhi zisebenzisana nezinhlaka ezahlukene ezibalulekile ukuze kufezwe lokhu.
“Ngicela thina njengoHulumeni wesiFundazwe nomasipala bakule ndawo, ukuthi sibambisane ekuhloleni izindlela ezingakha lesi sikhumbuzo sifanele uDkt Nelson Rolihlahla Mandela.
UNgqongqoshe uKhawula uphinde wagqamisa ukuthi izigcinamagugu azizona izizinda zamasiko nezikhungo zesikhumbuzo kuphela, kodwa ziphinde zigqugquzele ukuthuthukiswa komnotho

IZITHOMBE: MTHOKO MKHIZE
