Uncategorised

UYINYAMA KWELASE-GERMANY OWE-UNITED

UYINYAMA eqenjini laseGermany uKapteni we-Manchester United. ISTHOMBE: Sky Sports

MALIBONGWE MAZIBUKO

UKAPTENI weManchester United uBruno Fernandes ugaqelwe iqembu laseGermany eligijima kwiBundesliga iBayern Munich.
Lo mdlali wasePortugal uphinde abeyinyama nasemaqenjini ase-Saudi Arabia agijima kwiSaudi Pro League, lapho kudlala khona umdlali wangakubo uChristiano Ronaldo, iMunich kukholakala ukuthi isingenele umjaho wokuhlwitha lo mdlali ezoqeqeshwa uVincent Kompany.
Kukholakala ukuthi lo mdlali ulinganiselwa ku-70 million euros, inani angakwazi ukuthengwa ngalo eqenjini leManchester United, nakuba kuzogcina kufikile esivumelwaneni njengoba kuzovulwa iwindi lokuthengwa kwabadlali ngoMasingana, kanti usasalelwe inkontileka yeminyaka emibili eqenjini eyoze iphele ngenyanga kaNhlangulana ngonyaka ka- 2027.
IManchester United isanda kuthela induku abavikeli besicoco sePremier League iLiverpool ngempelasonto, ngamagoli amabili kwelilodwa, okuvuse amathemba kumqeqeshi u-Ruben Amorim.