Uncategorised

KUHLOMULA ABAFUNDI BASE-KZN NGEMIFUNDAZE

UNGQONGQOSHE uMfundisi Thulasizwe Buthelezi enabafundi abayi-14 abathole uxhaso lwemifundaze. ISITHOMBE: KZNCOGTA

NOMCEBO NGEMA

INJABULO ibibhalwe emehlweni kubafundi abayi-14 abaphase umatikuletsheni wabo ngamalengiso, ngesikhathi beklonyeliswa ngemifundaze uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal oholwa uNgqongqoshe uMfundisi Thulasizwe Buthelezi.
Laba bafundi ababe senhlanhleni baqhamuka kwimikhandlu emine okuyi-King Cetshwayo, iZululand, uMkhanyakude neTheku.

UNgqongqoshe Buthelezi ubonge abazali babafundi, wathi imiphumela yabo ikhombisa ngokusobala ukuthi nabo bakwazile ukudlala indima yabo beseka abafundi, ngakho konke ebebekudinga yonke le minyaka besemabangeni ehlukene esikole.

Uqhube wathi kuyamjabulisa kakhulu ukuthi abafundi abathole umfundaze, bangabanye abenze lesifundazwe saqwaqwada zonke ezinye amakhanda.