Uncategorised

INJABULO KWIZAGUGA ZENZELWA UKHISIMUZI ENKANDLA

IMEYA kaMasipala waseNkandla ikhuluma nogogo nomkhulu.

IBIBHALWE ebusweni injabulo kogogo nomkhulu ngesikhathi benzelwe indumezulu kakhisimuzi.

INGXENYE yogogo nomkhulu bephethe izipho zabo zikakhisimuzi. IZITHOMBE: NKANDLA MUNICIPALITY

NOMCEBO NGEMA

INJABULO ibibhalwe emehlweni kogogo nomkhulu abaneminyaka engama-80 kuya phezulu baseNkandla, ngesikhathi uMasipala waseNkandla oholwa iMeya uKhansela Nonhlanhla Nzuza ibenzele indumezulu kakhisimuzi obuhambisana nezipho izolo, e-Indoor Sports Centre.

IMeya uNzuza ithi isizathu sokwenzela izaguga ukhisimuzi yingoba ufuna ukubabona bejabule, kwazise yibona abayinsika nemigogodla yamakhaya.
“Amakhaya amaningi amile ngenxa yogogo nemali yabo yempesheni. Ogogo badlala indima ebalulekile kakhulu ngoba basibhekela abazukulu uma singekho siyofuna amatoho, benza isiqiniseko sokuthi ikati alilali eziko. Bacozula bacuye kule mali yabo yempesheni banike izingane zabo noma abazukulu ukuthi bayofuna amatoho. Ngithe anginconzule kulokhu okuncane okukhona, sabelane nabo ukuze bazizwe ukuthi nabo babalulekile futhi siyabathanda,” kusho iMeya uNzuza.
Uqhube wathi ziyi-126 izaguga ezithole igilosa namafejefeje kakhisimuzi. Ube esenxusa umphakathi ukuthi ubike uma kuhlukunyezwa abantu abadala, abesifazane nezingane, ukuze loyo menzi wokubi ezobhekana nomthetho.
Ube esefisela ukhisimuzi omuhle nonyaka omusha kubo bonke abantu.