Uncategorised

BEKUPHUME NESINEDOLO KUBUNGAZWA I-ALBUM KAMZUKULU

UMZUKULU obenze indumezulu yomcimbi ebungaza i-album yakhe yangonyaka odlule. ISITHOMBE: K.O.R MEDIA PRODUCTIONS

NOMZAMO MNTUNGWA

ISILOMO somculi kaMaskandi odabuka kwaCeza, Olundi, uMzukulu ubungaze umsebenzi wakhe ophume ngonyaka odlule, ngokuhlela indumezulu yomcimbi obizwa ngoMzukulu Album Tour ePlayhouse, eThekwini.

Amaciko ebesina ededelana kwaze kwalamula ukusa okubalwa uSiya Ntuli, uNjabulo Langa naye odabuka Olundi eMahlabathini, uZamambo Mkhize noMgijimi ovela ngaphansi kweqembu ezikaMgijimi odume kakhulu ezinkundleni zokuxhuma ngokubhikla ingoma.

USiya Ntuli weNkabi Records ubongele uMzukulu ngokuba nesibindi sokuhlela indumezulu yomcimbi eThekwini. Ugqugquzele abantu ukuthi abaqhubeke beseke umsebenzi wamaciko ngokungacwasi ngohlobo lomculo oculwayo.
“Uma ngibona umcimbi omkhulu kangaka ngizwa umoya wokuphila kanye nowobumbano okuyinto enhle kakhulu,” kusho uSiya.

Uphinde wabonga ithuba alinikwe uMzukulu engomeni esihloko sithi “Ngelinya ilanga” njengoba yenza kahle kakhulu ezitolo zomculo, futhi ithengwa ubuthaphuthaphu. Uthi lokhu kukhombisa ukuthi ikusasa lomculo liqhakazile, uma amaciko acula umculo ohlukene futhi ekwazi ukukhipha into enhle kangaka.