USNIJAVIBES UKHIPHE INONI ELISHA

AKHONA DLAMINI
UFIKE kwezakala endimeni uSnijaVibes ongumculi wamaphiyano, owaduma kakhulu ngengoma eyathandwa esihloko esithi ‘Sinalo’. USnijaVibes wethule ingoma yakhe entsha esihloko sithi “Amanxeba” . Le ngoma uyenze ngokubambisana nabaculi futhi abamkantshubomvu okubalwa kubo uNtando Yamahlubi, uTee Jay noSpelete.
Le ngoma ikhishwe ngaphansi kwesitebele esaziwa nge-Tee Jay Productions (Pty) Ltd futhi inedumela elikhulu.
Le ngoma iyinhlanganisela yesigqi seGqomu, 3 Step kanye namamaphiyano kanti konke lokhu kudidiyelwe ngobuciko obukhulu. Echaza ngalengoma uthe iyindlela yokubonisa imumva lakhe, nezimpande ezijulile zomculo ezisukela emigwaqeni ephithizelayo eStellenbosch eKapa kuya emagqumeni aseBizana eMpuma Koloni.
Ubuchule bukaTee Jay opikiwe kulengoma bokukhiqiza neqhaza eliyingqayizivele likaSpelete akungabazeki nakancane ukuthi le ngoma izokwenza ezibukwayo.
