UZUMA UKHALA NGOKUCINDEZELWA KWABAMNYAMA

ZETHU PHOSWA
UMENGAMELI weqembu uMkhonto weSizwe Party (MK) uMnuz uJacob Zuma uthi kumele kuphele ukucindezelwa kwabantu abamnyama kuleli.
UZuma ukusho lokhu namuhla eMoses Mabhida Stadium eThekwini, ngesikhathi ethula inkulumo emcimbini wokubungaza unyaka kwasungulwa iMK Party.
“Kuyakhathaza ukuthi abantu bakithi abamnyama basathwele kanzima ezweni labo. Bayahlupheka abanayo imisebenzi, abanawo umhlaba. Bathenjiswa ukuthi bazoziphathela izimayini kuze kube imanje abakaze banikezwe lelo thuba,” kubeka uZuma.
Ephetha uthe abantu abamnyama kumele bahlangane babe munye ukuze bezokwazi ukunqoba izinkinga abebheke nazo.
Uthi akanankinga nabantu abamhlophe kodwa ukhathazekile ngabamnyama ngoba ibona abathwele kanzima kuleli.
