SEKUJUTSHWE AMANXUSA AZOBHEKELELA UKUHLUKUNYEZWA KWABESIFAZANE

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
UKUKHUPHUKA kwezibalo zokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane ezingxenyeni zaKwaZulu-Natal, sekuholele ekutheni uNdunankulu wakule sifundazwe ajube amanxusa azobhekelela lokhu.
UNdunankulu uNtuli uthi ukulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, kufanele kwenziwe unyaka wonke.
Uthi sebejube amanxusa ayi-173
azokuba seziteshini zamaphoyisa akulezi zindawo enezibalo eziphezulu zokuhlukunyezwa.
“Bonke abazokuba amavolontiya bazothola ukuqeqeshwa in ukuze bakulungele ukusebenza nabantu abayizisulu. Bakwazi ukuya nasemphakathini,” kubeka uNdunankulu uNtuli.
Uthi inhloso ukulwa nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.
Uthi lokhu kuzoqinisekisa ukuthi umkhankaso awugcini ngalezi zinsuku eziyi-16 kodwa kuba unyaka wonke.
