OKAKHAWULA UBEKE AMATHEMBA KOWESHASHALAZI

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
USEZINGENI elithakaselwe kakhulu ngabantu umdlalo weshashalazi i-I was told, okuwumdlalo oncike kakhulu kwinkosana yesaliwakazi.
Lo mdlalo oxhaswe uMnyango wezemiDlalo, ezobuCiko Namasiko wawina iKwaZulu-Natal Provincial Theatre Festival, ukhonjiswa eMakhanda.
Udidiyelwe i-Vinland Creatives evela eThekwini, uphekwe ngaphansi kweso likaJavu Masibekela ebambisene noMusawenkosi Shabalala.
UMsawenkosi Shabalala uthi akayikholwa indlela abamukeleke kahle ngayo eMakhanda, “Ukuba kwiNational Arts Festival uthola nethuba ubone amanye ama-shows, ubone abantu bakwezinye izifundazwe bethokozela umsebenzi wethu, kusijabulise kakhulu. Ukuza lapha kuyasiza ukuthi iqembu likhule kwezobuciko, kuqinisa ithemba futhi kuqinisa umbono esinawo.”
Leli qembu linentsha engabalingisi abayi-8 i-stage manager, director and assistant director. Umdlalo uphekwe ehholo lase Marianhill nakwiso lokhozi luka Jerry Pooe eWushwini Art Centre.
Uqhube wathi unethemba ukuthi uMnyango usazoqhubeka nokubaseka njengoba befisa ukuthi lo mdlalo uye ezindaweni ezahlukene, “Sifisa ngathi abantu abaningi bangawubona, sihambe amazwe ngoba okwamanje usabonwe ePlayhouse naseMakhanda kuphela. Manje sifisa nokuthi ubonwe abantu abaningi, siyazi ukuthi ngosizo loMnyango wemiDlalo, ezobuCiko Namasiko lokhu kungekwenzeka”
