ISILILO KUDLULA EMHLABENI UCYNTHIA SHANGE

UCYNTHIA Shange odlule emhlabeni eneminyaka engama-76 ubudala. ISITHOMBE: FACEBOOK
AKHONA DLAMINI
AKASEKHO emhlabeni umlingisi omnkantshubomvu endimeni yokulingisa, nowake waba ngomunye woZime base-Ningizimu Afrika uCynthia Shange.
Umndeni wakhe uthi udlule emhlabeni ngezikhathi zasekuseni namuhla, ngemva kokugula isikhashana. UShange ube negalelo elikhulu emkhakheni wezokulingisa, nonobuhle eNingizimu Afrika, lokho kwenzeka ngesikhathi eqopha umlando ethweswa isicoco sokuba uMiss Africa South wokuqala omnyama ngokwebala.
Waduma kakhulu futhi emidlalweni ebelingisa kuyo okubalwa uDeliwe, uShaka Zulu uMuvhango neminye, okuyilapho athokozisa khona ababukeli ngobuciko bakhe bokulingisa. Iqhaza lakhe kulo mkhakha lamenza wathola izindondo zokuhlonishwa kuma-SAFTA kanye nakuSimon Mabhunu Sabela Awards.
