Uncategorised

UYELULAMA UKWAZI NSELE

UKWAZI Nsele ubonga ukwesekwa ngesikhathi sobunzima. ISITHOMBE:: IGCWALISA

NOMCEBO NGEMA

UYELULAMA uSonkondlo waseNkandla uKwazi Nsele, bebhekene nengwadla yokulimala kanzima, ngesikhathi ehlangabezana nembibizane yokudunwa imoto, okumshiye elimele kanzima.
Lokhu kwelula ukuveze ngesikhathi edlulisa amazwi okubonga ngokwesekwa ngesikhathi bebhekene nibunzima.
UNsele ubegonyuluka okokuqala ngemuva kokulimala, njengoba kulimala kwakhe kwavezwa umndeni wakhe, owakhipha isitatimende.
“Ngiyabonga kakhulu ngamazwi okungeseka, abanye benu bayazama ukungifonela kodwa ngebhadi angikwazi ukuzibamba izingcingo zenu ngoba angikakwazi ukukhuluma isikhathi eside,” kuchaza uKwazi.
Uthi njengamanje usathola usizo lokulashwa ukuze ezobuyela esimeni. Kuzokhumbuleka ukuthi mhla ziyi-18 kuMfumfu