KUYALWE AMAKHOSI UKUTHI ANGAKHOKHISI UMPHAKATHI NGEZIGXIVIZO

UNDUNANKULU uMnuz Thamsanqa Ntuli, uMkhuzi waMaphoyisa uLt General Nhlanhla Mkhwanazi ngesikhathi benikeza iNkosi Shinga isitifiketi nesigxivizo. ISITHOMBE: ZANDILE SHANGE
NOMCEBO NGEMA
USIHLALO weNdlu yoMdabu eSishayamthetho KwaZulu-Natal, iNkosi S’fiso Shinga, idonse aMakhosi aseNdlunkulu ngendlebe ukuthi angawadayisela amalunga omphakathi isigxivizo ngoba simahhala hha.
INkosi isho lokhu ngoMsombuluko ngesikhathi uNdunankulu KwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, enikeza ngokusemthethweni igunya lokuba okhomishana bezifungo amakhosi angama-288, e- Archie Gumede Conference Centre eMayville, eThekwini.
INkosi ithi lolu suku luyintokozo ngoba luzoshintsha impilo yamakhosi, impilo yomphakathi eyakhele izindawo zamakhosi. “Abantu basemakhaya angeke baphinde bahlupheke behambe amabanga amade beyogxiviza izinto zabo eziteshini zamaphoyisa. Lo msebenzi owenziwa uNdunankulu uzolekelela abantu ukuthi bakwazi ukwenza yonke into enkantolo yenkosi. UMnyango weZokubusa ngokuBambisana neZindaba zoMdabu sizowucela ukuthi uma umuntu esefikile enkantolo yenkosi akwazi ukufothokhopha, agxivize aphinde askene khona enkantolo. Isifiso sethu ukuthi izinkantolo zamakhosi zibe i-one stop shop, ngoba izingane zifuna amathuba omsebenzi kanti nemali yokugibela ziye emadolobheni ayikho,” kusho iNkosi Shinga.
Inkosi uShinga iqhube yagcizelela ukuthi kungabi khona ukuphambaniseka kwezitembu.
“Kukhona isitembu sakomkhulu okuthi uma kukhona okukhona iNkosi icele umnikelo kodwa lezi zitembu zimahhala azikhokhelwa. Asifuni ukuzwa ngelinye ilanga ukuthi kunenkosi ekhokhisa abantu ukuze bathole lesitembu. Lezi zitembu ezomthetho zenzelwe ukuthi inkosi ikwazi ukusiza abantu bayo,” kuphetha iNkosi Shinga.
INkosi uShinga ingenye yamakhosi athole isitifiketi kanye nezinye izinsiza.
