Uncategorised

SEKUKHONYA U-NU METRO KUMABHAYISIKOBHO

UMBIKO: ZETHU PHOSWA

BASALE bemangele abathandi bamabhayiskobho abaningi kulandela ukuvalwa kwendawo ebisineminyaka ibukisa ngezikabhanyabhanya iSter Kinekor ebiseGateway Theatre of Shopping, ivalwe kule nyanga. Akukapheli zinsuku zatshwala njengoba sekuvalwe obuseRichards Bay.
UNksz Nhlanzeko Ntuli (40) waKwaMashu uthi ukuvalwa kwale ndawo yebhayiskobho kubazumile kakhulu.
Uthi into emenze kummangaze kungenxa yezinga eliphezulu ebeyikuwo le ndawo futhi ize ibe ne-iMAX.
Ngokuthola kwaleli phephandaba amahlebezi akhomba ukuthi nakuba le nkampani yenyulwa ezikweletini ngonyaka wezi-2020, ike yahlongoza ngonyaka odlule ukudiliza abasebenzi abangama-236 ngoNhlolanja.
Okhulumela iSter-Kinekor ubonge ukubambisana nokusebenzisana neGateway. Uphinde wathi akananazi ukuthi lenkampani iphokophele ekudlondlobaleni ukuze ihlale isikhathi eside kuleli bhizinisi
Uveze ukuthi umthelela ukuciha kononga kukagesi, isiteleka sabalingisi eHollywood nokushintsha kwesimo somnotho, kubenze babe madolo nzima ukuhambela amabhayisikobho.
Nakuba kunjalo uNu- Metro akapholisanga maseko njengoba imvunge isikhona ethi usezongena avule ibhayisikobho eGateway Theatre of Shopping eMhlanga.
Okhulumela iNu Metro ukuqinisekisile ukuthi bahlele lukhulu nge Gateway.
“Abathandi bamabhayiskobho abalungele ukubona izinga eliphezulu njengoba kuzobe kukhona i-Ultimate VIP Luxury, Entertaining Kidz Cinema, i-4DX enezipikha eziningi, ifomethi enkulu ye-premium Xtreme eneDolby Atmos sound kanye ne-Ultra HD laser projection ephelele,” ngokusho kwesitatimende seNu-Metro.