Uncategorised

UGWETSHWE UDILIKAJELE NGECALA LOKUDLWENGULA NOKUTHUMBA

INKANTOLO igwebe uSiyabonga udilikajele neminyaka emihlanu. ISITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

INKANTOLO kaMantshi eMadadeni, eNewcastle igwebe uSiyabonga Xulu oneminyaka engama-34 ubudala udilika jele neminyaka emihlanu ngaphezulu, ngecala lokuthumba nokudlwengula.

Lesigameko senzeka eNewcastle endaweni yaso-Osizweni, ngonyaka ka-2019 kuNhlangulana, lapho isisulu sasibuya komunye umuzi owawukade unomcimbi njengoba sasheshe sahamba sona umcimbi ungakapheli.
Isisulu sathi sisendleleni ebheke ekhaya sahlangana nomsolwa ehamba nabanye besilisa ababili. Isisulu sabona umsolwa ongumakhelwane wakhe kodwa laba abanye ababili engabazi.

Umsolwa wasala nesisulu wasibhozomela efuna ukusidlwengula, isisulu salwa kodwa umsolwa wasinqoba ngamandla.
Kuthiwa ngemuva kokuzitika ngaso isisulu, wasidonsela emathuneni wasishiya siqulekile. Isisulu saphaphama saya emzini oseduze sayobika, kwase kuyovulwa icala emaphoyiseni.