Uncategorised

UBONGE UNYAZI ENIKELELWA NGOMUZI

UMBIKO: SANDILE MAKHOBA

UBONGE uNyazi owabhidlikelwa umuzi ngenxa yezikhukhula ezaqeda imizi eminingi eMlazi, ngesikhathi enikrlelwa ngomuzi owakhiwe wafakwa nefenisha.
UNks Sisi Manqele (46) obe nenhlanhla wakhethwa uMbuso Zulu odume kakhulu ezinkundleni zokuxhumana okhuluma ngokuboshwa kwakhe .
UZulu ngokuhlanganyela nabaxhasi bake bakhele lo sisi ohlala nendodana yakhe umuzi onamakamelo amane.
“Ngibonga uNyazi ngokwakhelwa umuzi, Impela uNyazi lusebenzise UMnuz Zulu emfihlakalweni. Ngemuva kokwehlelwa ilesi sigameko nganxusa uNyazi ukuthi lungilekelele, Impela lo muzi ngiwuphiee yilo, “ kusho uNksz Manqele.
Lo wesifazane akasebenzi, uziphilisa ngemali yesibonelelo sengane nokuwashela omakhelwane.
UMnuz Zulu uthe into emjabulisayo ukwenza unehluko empilwenibyabantu yabant.
UZulu uphinde welula isandla ngokulekelela uLuyanda Ndlovu (25) ngezincwadi zokushayela u-code10 ,.