I-IFP YENEME NGOKUQOKWA KUKA-ADVOCATE MOTHIBI

U-ADVOCATE Andy Mothibi oqokwe njengeNhloko ye-National Prosecutions. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
INKATHA Freedom Party (IFP) ithi iyakwemukela ukuqokwa kuka-Advocate Andy Mothibi, ukuthi abe iNhloko yakwa-National Prosecutions (NDPP).
U-Advocate Andy uqokwe ngokusemthethweni uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa.
U-Adv Mothibi uqokwe ngemva kokuthi izikhulu ebeziyingxenye yenhlolokhono, ibone yena efanele ukuqhoqhobala lesi sikhundla.
UMengameli ube esesebenzisa amandla akhe ukuqoka u-Adv Mothibi njengoba ezoqala kulesikhundla mhla lulunye kuNhlolanja.
I-IFP ithi iyakholelwa ekutheni u-Adv Mothibi simlungele lesi sikhundla, ikakhulukazi njengoba iNingizimu Afrika isesikhathini lapho kufanele iqine, ibe nemigomo nobuholi obuqinile kwa-National Prosecuting Authority (NPA).
“Imisebenzi ka-Adv Mothibi yaphambilini iyazikhulumela yona. Imfundo, ubuqotho bakhe, ukubuyisa ukuzethemba emphakathini, ikhona okumenze samfanela lesikhundla. Sithanda ukuphinda sishayele ihlombe umsebenzi wakhe awenzile esekwi-Special Investigating Unit, ngaphansi kobuholi bakhe ulwile nenkohlakalo, nokusetshenziswa kwezinsiza zomphakathi budlabha. Sithanda ukuphinda sincome izikhulu ebeziyingxenye yenhlolokhono ngokwenza umsebenzi omuhle kwaze kwaba isekugcineni,” ngokuchazeka kwe-IFP.
