IZIYALO EZINQALA KUBAFUNDI BASE-MFOLOZI BEKLONYELISWA

UMNUZ Nhlanhla Hadebe eyala abafundi abazoqala impilo entsha emanyuvesi nasemakolishi.
SIYABONGA PHAKADE
OYILUNGA lePhalamende kuzwelonke aphinde abengu-Sotswebhu weqembu le-Inkatha Freedom Party (IFP) uMnuz Nhlanhla Hadebe unxusa abafundi abenze kahle ezifundweni zabo kumatikuletsheni wangonyaka odlule ukuthi bengabe besabheka emumva kodwa baphokophele phambili. Lokhu ukusho ngesikhathi uMasipala waseMfolozi oholwa uCllr Xolani Bhengu, wenze umcimbi wokuklomelisa abafundi abaphase ngamalengiso umatikuletsheni wabo ngonyaka odlule, lo mcimbi ubusehholo edolobheni KwaMbonambi.
Lo mcimbi ubuhanjelwe abafundi bezikole ezehlukene ngaphansi kwalomasipala, abazali, amalunga omphakathi kanye nobuholi bukamasipala ngenhloso yokugqugquzela abafundi abeza ngemumva ukuthi nabo bazimisele kulonyaka, kanye nokuklomelisa labo abenze kahle ngoxhaso lokubhalisela ukufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Ngesikhathi ekhuluma nabafundi uMnuz Hadebe uthi akukho okushintshile namanje imfundo iseyiwona ukhiye obalulekile empilweni, iphinde ihlinzeke ngolwazi ukugqashula izibopho zobubha. Ube esenxuse abafundi abazoya emanyuvesi, nasemakolishi ukuba baziphathe kahle bengakhohlwa imumva labo.
Isifundazwe saKwaZulu-Natal yisona esaqwaqwada zonke izifundazwe ngemiphumela emihle kamatikuletsheni yonyaka ka-2025 njengoba sathola u-90.6%.
