Uncategorised

AZOYIKHOTHA IMBENGE YOMILE AMAPHOYISA AHLANGENE NEZIGEBENGU

AMALUNGA omphakathi ebephume ngothi lwawo ezothamela inkulumo kaNdunankulu.

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli , ngesikhathi ethula inkulumo kumalunga omphakathi ebephume ngobuningi bawo.
IZITHOMBE: ZANDILE SHANGE

NOMCEBO NGEMA

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, usenqumele ugwayi katiki amaphoyisa angenzi kahle, ngokuthi alungise ukuhamba kwawo, njengoba bekhuculula ukungcola emaphoyiseni.
UNdunankulu usho lokhu izolo ngesikhathi ebize ukhukhulela ngoqo, wembizo yomphakathi ebihambisana nomkhuleko wokukhulekela ubugebengu, eHammarsdale enkundleni yezemidlalo iMpumalanga.

Le mbizo uNdunankulu ubeyibize ngokubambisana noMnyango wezokuPhepha nokuXhumanisa uMphakathi KwaZulu-Natal ongaphansi kwehhovisi lakhe, naveze khona ukuthi wonke amaphoyisa ahlangene nezigebengu basezithendeni zawo, awalungise ukugwegwa kwawo, ukuze umphakathi uzowathemba futhi uzizwe uphephile uma ekhona.
“Wonke amaphoyisa angenzi kahle kukhona okusina kuwajeqeza, ngimbekile uLt General Nhlanhla Mkhwanazi ngoba angeke ebe nozwelo lokuthi iphoyisa leli elenze ubugebengu. Malunga omphakathi hlanganani nibe imbumba ngoba izigebengu ezinihluphayo akubona abantu bangaphandle kodwa izingane zenu, obhuti benu, omalume benu, obaba benu namasoka ezingane zenu. Uma ubona isoka lakho dadewethu liphethe isibhamu phumela phandle ulimpimpe emaphoyiseni ngoba leso sibhamu siyodubula wena ngelinye ilanga,” kusho uNdunankulu.

Uphinde wanika umphakathi inombolo yehhovisi lakhe ngoba amaphoyisa abuye ehlangane nazo izigebengu, le nombolo ingu- 080 122 9040. Uyale umphakathi ngokuthi ungazithatheli umthetho ngezandla, ngoba lokho kungaholela ekutheni uboshwe.
Uthi uma bebamba izigebengu ababize amaphoyisa, uma kukhona amaphoyisa angahambisi kahle aboshayele inombono yasehhovisini lakhe babike