Uncategorised

KUBONGWE UNTULI NGOKWESEKA IMIDLALO YABESIFAZANE

UMENGAMELI weKwaZulu-Natal Netball uNkk Gugu Ngema ngesikhathi ethula inkulumo.

IBEACH Blitz ebe ompetha be-Premier’s Netball Cup. IZITHOMBE: KZN NETBALL

NOMCEBO NGEMA

UMENGAMELI weKwaZulu-Natal Netball uNkk Gugu Ngema, ubonge uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, ngokubethemba badlale imidlalo yebhola lomnqakiswano ngaphansi kwegama lakhe, ekubeni bekwezemidlalo ezinganakiwe, ngeSonto ngesikhathi kunomdlalo wamanqamu we-Premier’s Netball Cup, eManguzi Multipurpose Centre.

“UNdunankulu ukhombise ukusethemba okukhulu, ukuthi singabantu besifazane futhi abakumdlalo onganakiwe kodwa yena wakhombisa ukusithemba, akagcinanga lapho uphinde wanxenxa eminye iminyango ayengamele ukuthi isondele siixhase. UNdunankulu uyaye akhulume amagama amahle ngalomdlalo futhi ameme nosomabhizinisi ukuthi basondele bangabheki ezemidlalo ezinabesilisa kuphela, kodwa nezemidlalo zabesifazane nazo bazibhekelele. Leli thuba esilinikiwe liphinde lilekelele izingane zamantombazane ukuthi zingagxili ezintweni zomhlaba okubalwa izidakamizwa, ukukhulelwa kanye nokuhlukunyezwa kwabesifazane,” kuchaza uNkk Ngema.

Uqhube wathi isifiso sabo ukubona ibhola lamantombazane lomnqakiswano, likhula kuzona zonke izindawo okubalwa emakhaya nasezindaweni zasemadolobheni.
Uthi kuyabajabulisa ukuhamba baze befike kuMkhandlu waseMkhanyakude ngoba abantu abaningi banomcabango wokuthi ibhola lomnqakiswano lisemadolobheni amakhulu kuphela. “Ibhola lomnqakiswano likhona yonke indawo ngoba lapho esikwaziyo ukufinyelela khona siyafika sidlale. Into enhle ukuthi uma sifikile endaweni asigcini ngokudlala kuphela ukufika kwethu kuba nomthelela omuhle kumnotho wakuleyo ndawo, okubalwa izindawo zokulala, izitolo, abaphekayo kanye nabadayisayo,” kusho uNkk Ngema.

Kulo mdlalo iBeach Blitz yakuMkhandlu iTheku iyona ebe ompetha be- Premier’s Netball Cup inqobe ngamaphuzu angu-47 iguqisa Inkosi All Stars yaseKing Cetshwayo okuyiyona eyathatha isicoco ngonyaka odlule.