Uncategorised

AKUMKHATHAZI U-NABI UKWEHLULEKA KWE-CHIEFS KWI-TOP 8

UMBIKO: MABUNHLE MLABA

NAKUBA imikhonto igwaza enxebeni ngokuhluleka kwe-Kaizer Chiefs ukungens kwi- Top 8, kodwa umqeqeshi walo ulibona lisanekusasa elihle.
Uthi yize ethe ukuphoxeka ngokuhluleka ukuqedisa iKaizer Chiefs kwiTop 8, umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi uthi akakhathazekile ngoba uyalibona ikusasa neqembu.
iChiefs iqede isizini ngokubanjwa ngo 0-0 iPolokwane City emdlalweni wokugcina weBetway Premiership e-FNB Stadium ngoMgqibelo.
Abaningi bayigxekile indlela iChiefs eqede ngenothi eliphansi ngakhona kwazise isanda kunqoba isicoco seNedbank Cup, ngokuqumba phansi izimbangi zaseSoweto i-Orlando Pirates ngo 2-1.
Ephawula uNabi uzwakale njengomuntu ocasha ngesithupha, ethi akakuqgizi qakala ukuhluleka ukungena kwi-Top 8.
“Akukhona ukuthi angifuni ukugxekwa kodwa engifuna kwaziwe abantu ukuthi mina nekomiti (abaphathi) siyazi ukuthi sibhekephi. Ngokwami ngikholwa kukhona lapho Siya khona. Yebo khona asingenanga kwi MTN 8 kodwa ngicela singayenzi ihaba lendaba. Ngokunqoba iNedbank Cup ngikholwa ukuthi likhona igxathu elikhulu esilithathile,” kusho lo mqeqeshi waseTunisia. UNabi uthe ukholwa ukuthi ubenomgadli ovuthayo ngabe lukhulu akuzuzile.