ABAKWA-MTN BELULE ISANDLA KWIZISULU ZEZIKHUKHULA

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
UNDUNANKULU KwaZulu-Natali uMnuz Thamsanqa Ntuli uncome abakwaMTN nabesitolo sokudla kwaBoxer, ngokwelula kwabakhahlanyezwa yizikhukhula.
UNdunankulu uNtuli uthi lokhu kunikeza ithemba kulabo abakhahlamezeka futhi kwenza umehluko ezimpilweni zabantu.
“Seyitholakele indawo eCornubia eThekwini, lapho kuzokwakhelwa izisulu zezikhukhula zangonyaka ka-2022. NaseMgungundlovu sekuqalile ukwakhiwa“ esho.
Uphinde wancoma kakhulu amagalelo enkampani yakwa-MTN, ngokuzinikela ukwelekelela intsha ngezobuchwepheshe nokulekela ukulungisa ezokuxhumana zibe sezingeni ngokufakela imibhoshongo ka-5G.
“AbakwaMTN banikeza ithuba Intsha engama-90 ezoqeweshelwa amakhono ezobuchwepheshe, ukuze ikwazi ukuhamba phambili ukuqhamuka nezinhlelo. Lokhu kuyigxathu elikhulu kakhulu okuzokwenza kubelula ukuzuza kwizinhlelo zikahulumeni. Ukuxhumana kubalulekile kakhulu ngoba uma kungekho amabhizinisi awasimami. Ezobuchwepheshe esikhathini samanje yikona esekunomthelela wokuthi amabhizinisi athuthuke, “ esho

