ISILO NENSELELO YESIGODLO SE-LEMBE

STHE PRO NDLOVU
INDLULAMITHI uMisuzulu kaZwelithini inxuse uhulumeni ukuthi ulekelele ukuvusa isigodlo seLembe KwaDukuza.
ISilo sikusho lokhu ngesikhathi kunomgubho woMkhosi weLembe, okungukhokho waso iLembe, uthe lokho kuzokwenza ukuthi lo mkhosi wenzelwe khona ngqo esigodlweni minyaka yonke.
“Uma singakwazi ukuvusa isigodlo seLembe kufakwe nezobuciko nayoyonke imibukiso engamagugu kulesigodlo ngiyanithembisa sizwe sakithi ningabona izinhlanhla ezingasehlela, ” kubeka iSilo.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli, wethembise ukweseka nokuvikela ubukhosi bakaZulu.
Lo mkhosi uxhaswa nguhulumeni. WaKwaZulu-Natal okubalwa Ihhovisi likaNdunakulu noMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal oholwa uMnuz Mntomuhle Khawula.
Lo Mkhosi uhanjelwe yizinkumbi zabantu.
Kulo nyaka lo mkhosi ubuhanjelwe Inkosi yaManazaretha uNyazi lweZulu, kuyilo eliwise umgoqwane ngomkhuleko.
Inyosi Buzetsheni Mdletshe oyisigcina umlando njengoba ebeyinyosi yeSilo esabuzayo uZwelithini KaBhekuzulu, unxuse ukuthi kube nezinhlelo ezizofundisa intsha ngamasiko namagugu esizwe sakwaZulu.
