UNDUNANKULU WASE-KZN UHLONIPHE OBEYIMEYA YASENKANDLA

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
NGAPHAMBI kokuthi ethule inkulumo yosuku emcimbini wokubuyisana, uNdunankulu waKwaZulu Natal uqale ngokuhlonipha lowo obeyiMeya kuMasipala waseNkandla edlule emhlabeni namuhla.
UNdunankulu uMnuz Thamsamqa Ntuli uthi bashayekile kakhulu ngokudlula kukaMnuz Mbhekiseni Biyela, amchaze njengomuntu obekhuthalele kakhulu ukusebenzela umphakathi.
“Izolo sikhulumile naye, wathi nakanjani sizokuba naye kulo mcimbi. Uthe uzoqeda ukwenziwa izinso bese enikela emcimbini. Kwale sengithi akaphumule, wathi uzokuza ngoba uzokuba esencono’, kubeka uNdunankulu.
Uqhube wathi bewuhulumeni balahlekelwe kakhulu yisisebenzi ebesikhuthalele ukwenza ushintsho emphalathini.
