Uncategorised

KUQASHWE AMAPHOYISA OMGWAQO ETHEKWINI AYI-500

UMBIKO: BUSISIWE ZONDI

UMKHANDLU weTheku
uvulele intsha amathuba emisebenzi angaphezulu kuka 500, kulandela ukuqasha amaphoyisa omgwaqo.
Lo Mkhandlu weTheku oholwa
iMeya uCyril Xaba,
wamukele lawa maphoyisa , okuyingxenye yokuqinisa ezokuphepha kulawa maholidi.
UCllr Xaba uthe, lokhu okwenzekile kuwukushaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa.
” SiwuMasipala weTheku sibe nenhloso yokuvula amathuba omsebenzi entsheni yethu saphinda saba nenhloso yokuvikela umphakathi nezihambeli zethu ezizokuba zigcwele iTheku ukuzojabula ngalawa maholidi. Siyacela ke ukuthi njengoba seninikwe lomsebenzi wokuqapha ukuphepha EThekwini, kwenzeni lokhu ngokuzimisela nangokungazingabazi. Qinisekisani ukuthi imigomo nemithetho yeTheku iyalandelwa”, kusho iMeya Xaba yena. Ugcizelela ukuthi amaphoyisa agcine izinga nesthunzi somsebenzi kuvikelekile.
INhloko eMnyangweni wamaphoyisa omgwaqo uMnu Sibonelo Mchunu uthe, ziyi 150 izimoto ezintsha ezizolekelela ukusebenza nezinga lezobuchwepheshe likhushulwe kakhulu. Omunye obekhona kulomcimbi nguSekela Meya uKhansela uZandile Myeni.