Uncategorised

BAHLALE KWAZE KWASA BELINDE UKHUZANI

UKHUZANI Mpungose otheleke ekuseni kodwa wagila ezibukwayo esteji.
ISITHOMBE: KWANDA MAKHOBA.

NOMCEBO NGEMA

BAQOPHE umlando abalandeli nabathandi besilomo somculi kamaskandi ongaconsi phansi abahlale kwaze kwasa cha mnyango bemlindile ukuthi acule kwiMandeni Home Coming, mhla ziyi-24 kuZibandlela, Kwancend’mhlophe Stadium eMandeni.

UKhuzani Mpungose ozibiza ngeNkosi yoMaskandi utheleke ekuseni ngehora lesihlanu ngokhisimuzi wafica izinkumbi zabantu zimlindile. “Ngijabule kakhulu ukufica ngilindwe abantu abaningi kangaka, eMandeni uthando luhamba phambili. Ngiyabonga ukwemukelwa ngezandla ezifudumele nangesasasa elikhulu kangaka. IMandeni Home Coming ihamba phambili, lo mcimbi ngifisa ukuthi ungapheli, uhlale ukhona njalo futhi ukhule ngoba uyakhombisa ukuthi abantu bayawuthanda. Lo mcimbi unohla lwabaculi abangebaningi kodwa ugcwala phama ngenxa yokuthi abaculi abasuke beqashiwe yibona abathandwa abantu kakhulu okuyinto enhle,” kusho uKhuzani.
UKhuzani usanda kuhlabana ngezindondo ezimbili kuma-South African Music Awards (SAMA) kulenyanga, okungeye-Best Maskandi Album neyeMale Artist Of The Year.
Uphinde waba sematheni ngesikhathi egcagcelwa abaningi abachaze udwendwe lakhe nokaMathenjwa-Mpungose njengodwendwe lonyaka.

Kulomcimbi kuphinde kwaklonyeliswa uNkululeko Dhlomo waseZakheni, eMandeni okuyena othenge inqwaba yamathikithi alo mcimbi. UNkululeko ubonge uNono kanye nethimba asebenzisana nalo ngesipho. “Ngithenge amathikithi ayi-14, base bethi angifaka yonke imininingwane yami njengoba sengikhale ngemuka nalesi sipho. Lo mcimbi awungiphuthi ngihlale ngikhona kuwona minyaka yonke futhi ngiyafisa ukuthi ukhule uye phambili. Siyabonga kakhulu kuNono ngokuhlale esenzela lo mcimbi sizoqhubeka simeseke,” kuphetha uNkululeko.