Uncategorised

ISAGIDELWA ELAKUBO I-CHIEFS

MALIBONGWE MAZIBUKO

ZIBONAKALA zisayihambela kahle iKaizer Chiefs njengoba isinqobe imidlalo emibili ilandelana, okuholele ekutheni, uKhalil Ben Youssef ongumsizi kaMqeqeshi uNasreddine Nabi, encome abadlali bakhe emva kokuguqisa IStellenbosch FC ngamagoli amabili eqandeni e-Athlone Stadium ngeledlule, kwathi ngoLwesithathu, baphinda bathela isibhaxu iPolokwane City ngo 1-0.
“Siyaziqhenya ngabadlali bethu, benze kahle kakhulu benqoba,” kusho iphini lokuqala lomqeqeshi weChiefs.