IGIDIGIDI KUHAMBA ABAQEQESHI BE-PREMIERSHIP

UMBIKO: NOBUHLE XIMBA
SEKUQALILE ukuqagela ngozovala isikhala sikaMabhuti Khenyeza kwiLamontville Golden Arrows, ayishiye kungazelele muntu.
UMabhuti obengasalubhadi ejimini kulandela ukusiza i-Arrows inqobe iCape Town City ngo 3-2 emdlalweni weBetway Premiership eMlazi ngesonto eledlule.
Imithombo eyehlukene iveze ukuthi uKhenyeza ukhala ngemali kanti omunye uthe ufuna ukuyosebenza lapho ezothola khona inselelo entsha. Kwi-Arrows, afana nengane yakhona kwazise wafikela kuyo ebholeni esawumgadli oyibhobhodlana ngaphambi kokuba umqeqeshi, ubesebenza noMusa Bilankulu noKagiso Dikgacoi njengabasizi bakhe.
Kuxakile ukushiya kukaKhenyeza kwazise Abafana Besithende bese benyukele endaweni yesithupha kwi-log. Basakwaze ukunqoba imidlalo emine, bahlulwa kathathu kanti basadlale kanye owodwa ngokulingana.
Njengoba uKhenyeza esehambile kwi-Arrows sekumataniswa igama likaManqoba Mngqithi kule kilabhu njengoba esanda kuxoshwa iMamelodi Sundowns. Igama likaMngqithi lizwakala nasemahhovisi eRichards Bay FC nayo edinga ngokushesha umqeqeshi ozovala isikhala sikaBrendon Trutter, osebuyele kwi-Upington City edlala kuMotsepe Foundation Championship.
