LITHOLAKALE EKRANSKOP IPHOYISA ELALIDUKILE

IMOTO yohlobo lwe-Toyota RunX okutholakale kuyona iphoyisa elabikwa ukuthi lidukile. ISITHOMBE: SITHUNYELWE
NOMCEBO NGEMA
UTHOLAKALE eKranskop uWarrant Officer Rubika Rambarran osebenza esiteshini samaphoyisa iDurban Central eThekwini, obekubikwe ukuthi udukile.
Leli phoyisa litholakale emotweni emhlophe yohlobo lwe-Toyota RunX emgwaqeni u-R74 eKranskop, KwaZulu-Natal futhi kusolwa ukuthi kukhona obeshayela le moto.
Ukuduka kwaleli phoyisa kwasatshalaliswa abakwa-Reaction Unit South Africa (RUSA). Umfowabo waleli phoyisa okuyena ofike ngokushesha lapho kutholakale khona imoto, uthi ufice udadewabo ephazamisekile engqondweni engaphakathi emotweni. Uthi le moto ibibonakala ukuthi ibandakanyeke engozini. Isibhamu somsebenzi nezinhlamvu okusolwa ukuthi ubeziphethe azitholakali.
Amaphoyisa eyaphenya ukuze kutholakale imbangela yalesi sigameko.
