INJABULO UMASIPALA WABAQULUSI UFUNGISA AMAKHANSELA AMANE

UCLLR Thulani Buthelezi efungiswa ngokusemthethweni njengeKhansela laku-ward 12 kuMasipala waBaQulusi. ISITHOMBE: UMASIPALA ABAQULUSI
NOMCEBO NGEMA
AFUNGISWE ngokusemthethweni amakhansela kaMasipala waBaQulusi, okubalwa uCllr Sakhayedwa Siyaya obefungiswa njengePhini leMeya, uCllr Mzingendoda Khumalo ofungiswe njengoWhip of Council, uCllr Thulani Buthelezi ofungiswe njengeKhansela laku-ward 12 noMnuz Mlungisi Buthelezi ofungiswe njengeKhansela elimele iqembu (PR Councillor).
Lamakhansela athembise ukusebenza ngobuqotho, ukuzimisela, nokubeka phambili izidingo zomphakathi.
UMasipala waBaQulusi ubamukele ngezandla ezifudumele, waphinde wabafisela okuhle kodwa.
“Engathi ubuholi banu bungabeka eqhulwini izidingo zabantu. Nize nisebenze ngokuzikhandla, ukuhambisa intuthuko emphakathini, ubumbano kanye nokuthuthukisa wonke umuntu kuloMasipala waBaqulusi,” kusho isitatimende sikaMasipala waBaqulusi.
