Uncategorised

SEBEKHUMELENE UMLOTHO ABOWOKHOLO

UMBIKO: MABUNHLE MLABA

ISIHLABANI somculi we gospel uHlengiwe Mhlaba sesimxolele uSipho Makhabane esake samsola ngokumxhopha imali elinganiselwa kuR8.5 million eminyakeni edlule.
Leyo mali kwakungeyama royalties etholwa umculi ngokudayiswa nokudlalwa komsebenzi wakhe. UMakhabane nguye owabona ikhono lokucula likaHlengiwe wamfaka estudiyo kwakhishwa izingoma ezathandwa kakhulu ezweni nangaphandle. Kwethuke abaningi ngesikhathi kutheleka esiteji uMakhabane ngesikhathi uHlengiwe enze ikhonsathi i-20 Years of Grace e-ICC eThekwini ngoMgqibelo. Ephawula ngalokhu uHlengiwe uthe. “Ebengikuhlosile bekuwukubonga uNkulunkulu ngokugcina isikhathi eside kule ndima. Imina engimeme uMakhabane kanti ngijabule kakhulu ngoba kuvuke imizwa emnandi yezinsuku zethu zakudala. Ngiyajabula ngoba ufikile wazongeseka,” esho. UMakhabane yena uthe. “Ngihambele loya mcimbi njengomzali kaHlengiwe kanti njengomuntu owavumbulula ikhono lakhe kuyangijabulisa ukumbona ekhula.”