UKAMADLOPHA UHLOLE ISIMO SEZOKUPHEPHA EMANGUZI

UNGQONGQOSHE uNkk Thembeni KaMadlopha-Mthethwa nezikhulu zomasipala behlola isimo sezokuphepha. IZITHOMBE: KZNDARD
NOMCEBO NGEMA
UNGQONGQOSHE woMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya uNkk Thembeni KaMadlopha-Mthethwa uvakashele idolobha laseManguzi, naseKosi Port of Entry ngoLwesibili, ehlola isimo sezokuphepha njengoba bekunamamashi anokuthula emadolobheni ahlukene anxenxa abokufika kuleli ngokungemthetho ukuthi babuyele emazweni abo.
UNgqongqoshe ubephelezelwa iMeya yaseMkhanyakude uCllr S’phile Mdaka, amakhansela kaMasipala uMhlabuyalingana nezinye izikhulu zikamasipala njengoba kulendawo kunomngcele owelela eMozambique futhi obumatasa kakhulu.Ngesikhathi leli thimba lihlola isimo edolobheni kugqame ukuthula nokuphepha, futhi izakhamuzi beziqhubeka nokwenza imisebenzi yazo ngaphandle kokuphazamiseka. UNgqongqoshe uncome kakhulu ukubambisana phakathi kwezinhlaka zezokuphepha, ubuholi bendawo kanye nomphakathi wakwaMhlabuyalingana.
