UMUNYU KWI-NKOSIKAZI KA-MTHETHWA EMUKELA IFULEGI

UNkk Philisiwe Mthethwa emukela ifulegi ebelimboze ibhokisi lomyeni wakhe obefihlwa izolo uMnu Nathi Mthethwa. IZITHOMBE: FACEBOOK MYANC
NOMCEBO NGEMA
UHLULEKILE ukuzibamba zehla zilekanyana izinyembezi kuNkk Philisiwe Mthethwa , ngesikhathi emukela iflagi ebelimboze ibhokisi lomnyeni wakhe obefihlwa izolo uMnu Nathi Mthethwa.
Leli fulegi le-ANC ubelinikwa iPhini likaMengameli uMnuz Paul Mashatile.
Lo mgcwabo ubuseSiyabonga Sangweni Sport Complex KwaMbonambi, eMpangeni, ubuhanjelwe UMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa owethule inkulumo yokuhlonipha UMthethwa.
Abanye abebezimazisile kulo mgcwabo kubalwa oyiPhini likaMengameli uMnuz Paul Mashatile, uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli, uMnuz Fikile Mbalula, amalunga aphezulu e-ANC, amalunga ekhabhinethi, uMnuz Malusi Gigaba, uMntwana uNtando kaZwelithini nomyeni wakhe, uMntwana uPhumzile nabanye abaningi.

UMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa kanye noNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli
