Uncategorised

KUGQUGQUZELWE UKUNQANDWA KOKUHLUKUNYEZWA KWABESIFAZANE NEZINGANE

ZETHU PHOSWA

UNDUNANKULU KwaZulu-Natal unxuse ukubambisana namadoda aqotho, ngesikhathi kuthulwa ngokusemthethweni umkhankaso wezinsuku ezingu-16, oqale mhla zingama 25 kuLwezi, wokulwisana nesihlamva sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.

UNdunankulu waKwaZulu-Natal ethula lomkhunkaso incapha namadoda waseLoskop eMtshezi, ngokuthi kube iwona ahamba phambili ekuqhubeni lo mkhankaso. Wanxusa umphakathi wakule ndawo ukuthi ungesabi ukubika ngobugebengu.

“Kule ndawo kufanele kuyekwe kunezibhamu ezinfekho emthethweni, nekuyizo eseziqede abantu bakule ndawo. Lo osaqhubeka kusho ukuthi akafundanga kuboshwa laba ababulala abahlanu jule ndawo,” kubeka uNdunankulu.