SELUNGENWE YI-MKP OLWAMAHOLO KU-KHOZI FM

UMBIKO: MABUNHLE MLABA
ISINGENWE uMkhonto Party indaba yokunganikwa izinkontileka kwabasakazi no-producer bakwa-SABC yize kusandwa kumenyezelwa izinguquko zezinhlelo.
Kuzokhumbuleka ukuthi njalo mhlaka 1 April iziteshi ezingaphansi kwe-SABC ekubalwa kuzo uKhozi FM, Metro FM, Radio 2000 nezinye, zimemezela abasakazi abasha, nezinguquko ngenhloso yokunyusa izinga njengoba kuqhudelwana neminye imisakazo.
Kodwa muva nje kuputshuke izindaba ezithi i-SABC idonsa kanzima ezimalini ingakho idonsa izinyawo ekunikeni izisebenzi izinkontileka ezintsha.
Umthombo ose-KE Masinga Road lapho kuzinze khona uKhozi FM uthe kunzima kubasakazi no-producer njengoba bengazi ukuthi bazohola malini ekupheleni kwenyanga. Bathe uma bebuza uBusani Mthembu obambe njengeBusiness Manager noMandla Mthembu obambe njengeProgrammes Manager, babathembisa into engekho. “Ingakho sinqume ukuthi udaba lwethu silubike kuMkhonto weSizwe Party ngoba sikholwa ukuthi luzosukunyelwa ngokushesha,” kusho omunye umthombo.
UMnuz Mlungisi Zondi okwa-Labour Desk kwi-MK Party ukuqinisekile ukuthi, bazitholile izikhalazo zabasebenzi boKhozi FM. Uthe kuyadumaza ukuthi amalungelo abasebenzi ayagxotshwa kalula ekubeni behlale besebenza ngokuzikhandla, ukunekela abantu izindaba nokujabulisa abalandeli ngezinhlelo zabo ezihlabahlosile.
UNkk Mmoni Ngubane okhulumela i-SABC uthe bayitholile incwadi ye-MK Party wathi kodwa angeke baphawule,
ngezinto ezithinta umqashi nomqashwa esidlangaleni. “Uma kunomsebenzi onganeme ngokuthile uyayazi imigudu ekufanele ayilandele okunye futhi engingakuqinisekisa ukuthi abaphathi boKhozi FM nabo bengaphumela obala basho ukuthi akekho umsebenzi wabo ongakayisayini inkontileka.”
