OWE-NJAMPELA UBONA KUZOBAHAMBELA KAHLE

MALIBONGWE MAZIBUKO
IQEMBU lebhola iNjampela lakwaNongoma eligijima kwi-ABC Motsepe League KwaZulu-Natal limatasa namalungiselelo esizini entsha ezoqala enyangeni ka-October mhla ziyi-4, njengoba sebeqalile bayazilolonga futhi badlala nemidlalo yobungani yozilolonga nokuhlola isimo sabadlali.
Leli qembu elibuye laziwe ngabafana basekuthuleni lake lamela iKwaZulu-Natal ngesizini ka-2023/24 kuma national play-offs, okuhlungela iqembu elizongena kwi-National First Division.
Nakuba kungazange kuhambele kahle, badliwa kumdlalo kowandulela owamanqamu sekusele ukuba benqobe umdlalo wabo wokugcina.
IMenenja yeqembu uTico Mkhize uthi makhulu amathemba ngemidlalo, indlela abadlali ebonakala bezimisele ngayo.
“Amalungiselelo ahamba kahle kakhulu siqalile siyazilolonga manje, neqembu liphelele lonke akekho olimele wonke umuntu uzimisele ukuba siqale isizini ngegiya eliphezulu. Imidlalo yobungani yokuzilolonga sesiyiqalile futhi impumela mihle kakhulu”,
Uthi akulula kuyathembisa ukuthi bazokwenza kahle, ngale midlalo asebeyidlali yobungani.
“Kunzima ukuthi siqale sithi konke kuhamba singakayidlali imidlalo yeLigi neyeNedbank Cup, kodwa lemiphumela emihle yemidlalo yobungani iveza okuhle okungahle kwenzeke
kulesizini ezoqala” [kusho uMkhize]
UMkhize akabavezanga abadlali abasha abajoyine iqembu ngenxa yokuthi kusakhona abenza amatrials eqenjini kanti neqembu alikamemezeli ngokusemthethweni njengoba kunamanye abahambile kuleliqembu okubalwa kuye uPhabonke “Mbhodlo” Mbatha osayinwe iqembu le The Bees FC edlala kwi Motsepe Foundation Championship.
INjampela FC izovula ngemidlalo yokuhlungela iNedbank Cup mhlaka 20 September ezodlalwa ngama Group stages, egroupin yeNjampela kukhona amaqembu okubalwa kubo iTornado FC yase Mpangeni, Ulundi United kanye Herimedi FC yase Mthunzini.
