Uncategorised

USEZIPHILA NGEMFUYO U-ANDILE JALI

U-ANDILE JALI useziphilisa ngemfuyo. ISITHOMBE: FACEBOOK

MABUNHLE MLABA

USENGENE shi ebhizinisini lokufuya nokulima owayengumgadli we-Orlando Pirates, kulandela kuvela kwezithombe zakhe ezinkundleni zokuxhumana.
Ezithombeni avamise ukuzinameka ezinkundleni zokuxhumana u-Andile Jali ubonakala echitha isikhathi esiningi epulazini nokusolakala ukuthi usengene shi ebhizinisini lwemfuyo.
UMike Makaab ophethe izindaba zika-Andile Jali ukuqinisekisile ukuthi uJali kukhona ibhizinisi asegxile kulo.
UMike Makaab owuqweqwe emsebenzini wokuba i-agent uphawule okokuqala ngokuthi ukuziphi izinkalo uJali selokhu akhululwa iChippa United ekupheleni kwesizini edlule.
UMakaab uthe uJali okumanje uneminyaka engu 35 usegxile emabhizinisini kodwa wangathanda ukwenaba.
UJali wazakhela igama ngesikhathi edlala ku-University of Pretoria wadlulela kwi-Orlando Pirates, wayodlala eBelgium kwathi esebuya wadlala kwiMamelodi Sundowns. Lo mdlali odabuka eMatatiele e-Eastern Cape uke wadlala isikhathi eside kwiBafana Bafana.