Uncategorised

UKHAWULA UPHONSELE ABAZALI INSELELO YOKUTHUTHUKISA ULIMI

UNGQONGQOSHE uMnuz Mntomuhle Khawula.

ZETHU PHOSWA

INGCAPHA ikhonjwe kubazali yokuthuthukisa nokulondoloza ulimi lwebele nokuluqhakambisa.
Lokhu kushiwo uNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula, ngesikhathi kugujwa Usuku emhlabeni jikelele lokuhumusha nokutolikwa kolimi, emcimbini obusehholo eMpofana eMooi River ngoLwesine.
“Ulimi lwebele kufanele luvikelwe ngokubambisana kusukela emakhaya, emphakathini kuze kufike kuthina uhulumeni. Inselelo ikuthina abanikazi bezilimi base-Afrika ukuthi kube yithi esivikela izilimi zomdabu zethu,” kubeka uNgqongqoshe uKhawula .
Uthi ulimi into ebalulekile engumgogodla wobuntu, nokuyiyona into eyenza umqondo ngamasiko, okubalulekile ukuthi silulondoloze ulimi ukuze ludlulele kwisizukulwane kolimi kusho ukushabalala kwesizwe.
“Thina njengomnyango sisebenzisane nezinhlaka eziningi ezimele ukulondolozwa kwezilimi neziqinisekisa ukuthi ulimi lwethu lukhulunywe ngendlela efanele. Siqhakambisa ukubandakanyeka kwazo zonke izilimi njengoba sinezilimi eziningi. Okubalulekile kakhulu ukuthi zonke izilimi zongiwe zingashabalali, “ esho.
Uveze ukuthi kusemqoka ukuthi ulimi lukhulunywe ngendlela efanele.

Uthi ngaphansi kwalo mnyango kunophiko olusebenza ukulondoloza ulimi nokutshintshwa kweziNdawo ezabhalwa ngokungeyiko, okuyilona olunejoka lokuhumusha imibhalo nezinkulumo ezibhekiswe emphakathini.
UKhawula uthi ukubalulekile ukuthi zonke izilimi ezisemthweni zinikwe isithunzi esifanele.
UMeya wase Mpofana uNkk Maureen Magubane uthi ukusetshenziswa kwezilimi zomdabu kufanele kuqale emakhaya.