ABEMFASHINI BAKHALA ESIKA-NANDI NGOWE-SUN GODDESS

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
BATHI bafe olwembiza ngokudlula emhlabeni kukasomfashini we-Sun Goddess, okunguye owaklama indima enkulu ekubekeni ebalazweni imfashini yesiNtu.
UVanya Mangaliso owenza imfashini yesiNtu yaba semgangathweni, ushone mhla ziyi-26 kuJuni, eneminyaka engama-56.
Izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni ziqinisekiswe umndeni wakhe ngokukhipha isitatimende.
Abasiki bengqephu bazwakalise ukugqemeka ingozi ngokudlula kwakhe ezinkundleni zokuxhumana.
Abanye basho ukuthi waphendlela indlela iningi labasiki bengqephu namalebuli emfashini enobu-Afrika njengeMaxhosa Africa, osekuyiyo edlisayo.
Abombukiso wengqephu i-South African Fashion Week bathi uVanya uqale ukubukisa ngezingubo zakhe kulombukiso ngonyaka ka-2001 lapho akhombisa ugqozi ngomsebenzi wakhe ngeqoqo lakhe lokuqala lika-Sun Goddess Afro lux. “Kusukela ekuqaleni, akazange alethe nje iqoqo kuphela kepha wafaka nomuzwa ojulile wokuziqhenya ngamasiko nokusebenzisa ifashini ukuxoxa izindaba. Lokhu kwathinta wonke umuntu njengoba umbono wakhe wawudlula umkhakha wefeshini.” Baqhube bathi: “uVanya kufana nokuthi wayeyinxusa lomlando kwifeshini njengoba umsebenzi wakhe wawunikeza izwi ekucebeni kobuntu base-Afrika, ngomusa nangokuzethemba. Umbono wakhe wawucacile ukuhlonipha lapho siphuma khona ngenkathi sibungaza ukuthi siba ngobani futhi wakwenza lokho eshiya ngemuva ifa elidlula imfashini.”
UVanya wabonakala kakhulu lapho ngonyaka ka-2001 iSun Goddess ivule isitolo eRosebank okwakuyigxathu elikhulu kubantu abamnyama.
Leli gama lasabalala lavula izitolo kuma-mall amaningi njenge Gateway eMhlanga
