Uncategorised

UKUDLWENGULWA KWABESIFAZANE KUDLA LUBI E-KZN

. SITHOMBE: CRIMINAL INJURIES HELPLINE

UMBIKO: ZETHU PHOSWA

NAKUBA kusemkhankasweni wezinsuku eziyi-16 zokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, kodwa kudla lubi ukudlwengulwa kwabesifazane KwaZulu-Natal.
Lokhu kuvele ngesikhathi amaphoyisa alesi sifundazwe eveza ukuthi abophe abasolwa abayi-235 ngamacala okudlwengula ngenyanga kaLwezi kuphela.
Okhulumela amaphoyisa aseKZN uColonel Robert uNetshiunda uthe ngasekupheleni kukaLwezi, amaphoyisa eFamily Violence Child Protection and Sexual Offences Unit(FCS) aqhuba uphenyo ngamacala ohlobene ngokuhlukumeza ngokocansi, okwagcine kuboshwe abasolwa abangu-235.

“Njengoba kuqale umkhankaso wezinsuku ezingu-16 zokulwisana nesihlamva sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, amaphoyisa abophe abasolwa abangu-227 ngecala lokushaya, abangaphezulu kuka-39 baboshelwe ukuhlukumeza ngokocansi. Kukhona abanye abasolwa abangu-13 054 ababoshelwa amanye amacala ahlukene, abatholakale ngesikhathi kuqhutshwa lo mkhankaso wezinsuku ezingu-16,” kuchaza uNetshiunda.

Uthi ubugebengu obuningi eKZN benziwa kusetshenziswa izibhamu ezingekho emthethweni, amaphoyisa athole izibhamu ezingekho emthethweni ezedlule ku-361.