KUWE UMUTHI OMKHULU NGO-DKT SHONGWE

UDKT Vusumuzi Shongwe odlule emhlabeni emva kokuxinwa ukugula isikhashana.

UNGQONGQOSHE uMnuz Mntomuhle Khawula uthi bashaqekile ngokudlula emhlabeni kukaDkt Vusumuzi Shongwe. IZITHOMBE: KZNDSAC
NOMCEBO NGEMA
ALOKHU engene njalo amazwi enduduzo emndenini ka-DKT Vusi Shongwe ongusomlando nowake waba umeluleki weSilo esabuzayo uZwelithini kaBhekuzulu, usomlando udlule emhlabeni ngoLwesibili, ngemuva kokuxinwa ukugula isikhashana.
UNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko Kwazulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula, usedlulise amazwi enduduzo emndenini ka-Dkt Vusumuzi Shongwe, ubesebenza ngaphansi komnyango wakhe engumqondisi omkhulu.
“UDkt Shongwe ubeyindoda enesibindi futhi engasabi ukubeka uvo lwayo noma ngabe alwesekwa umuntu. Ngimethulela isigqoko ngendima ayiklamile ekukhuthazeni ezobuciko namasiko. Ugqame kakhulu uma kukhulunywa ngamasiko. Sigqemeke engeqiwa ntwala ngokudlula kwakhe emhlabeni, usishiye nesilonda esingazi ukuthi siyophola nini,” kusho uNgqongqoshe.
