Uncategorised

ABASEBENZI BAKHALA NGOKUXHASHAZWA

NOMCEBO NGEMA

KUME-NSE ukusebenza edolobheni eThekwini ngesikhathi abasebenzi abangaphansi kwenyunyana I COSATU, nezinye izinyunyana ezingamadlela ndawonye nayo bemasha bekhala ngezinkinga abasebenzi ababhekana nazo.
Le mashi isuke epaki iKing Dinuzulu yaze yayophelela enkabeni yeTheku eDurban City Hall.
Bathi inhloso yale mashi bekungudlulisa uhla lwezikhalo zabasebenzi, nezingqinamba ababhekana nazo.
Laba basebenzi bakhala ngokungaholelwa ngokwamahora angeziwe abawasebenzile, ukuhlukunyuzwa ngabaphathi, ukungavikeleki emsebenzini kanye nokuthi bafuna kuphele ngezinkampani eziqashela izitolo.
UNksz Sanelisiwe Gcaba ongomunye wabasebenzi basesitolo uCheckers enxanxatheleni yezitolo eGateway uthe useneminyaka eyi-13 esebenza kulesitolo kodwa usahola imali eyi-R900 ngesonto. “Njengamanje angisazi ukuthi kumele ngikhale kuphi njengoba kunabasebenzi bohlanga lwasendiya abafike emva kwami kodwa sebehola okudlula mina. Yingakho namhlanje ngilovile emsebenzini ngiyingxenye yalemashi ukuzozwakalisa ilaka lami,” kuchaza uNksz Gcaba.
Izikhalo zabasebenzi zamukelwe uNgqongqoshe wezeMidlalo, amaCiko namaSiko uMnuz Mtomuhle Khawula obebambele uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli, uthembise ukuthi izikhalo zabasebenzi zizofinyelela ezandleni ezifanele. Uphinde wathembisa ukuthi lezikhalo zizolandelwa ngendlela efanele.