Uncategorised

KUDANSWE KWAZE KWAPHUMA ILANGA KWI-INKKAS XPERIENCE

UMAWHOO enza adume ngakho esteji.

U-Dj Maphorisa ushiye izihlwele zifuna impinda. IZITHOMBE: KWANDA MAKHOBA.

NOMCEBO NGEMA

KUZE kwasa bebheke ngawo omabili abathandi bobumnandi nomdanso kumanzi phansi kwi-INKKAS Xperience Festival ebibhekwe ngabomvu, KwaMashu ePrincess Magogo Stadium.
Lo mcimbi uqale ngehora lesithathu izolo emini kwaze kwashaya elesihlanu ekuseni ngakusasa, zilokhu zibuyile abaculi abehlukahlukene beshiyelana inkundla esiteji, oDj nabaphathi bohlelo.
UPhilani Ngwenya odume kakhulu ngelikaSplash ongumsunguli we-IKasi Lami okuyinkampani ehlela lo mcimbi, ubonge izinkumbi zabantu ebeziphume ngobuningi bazo ngokuseka lo mcimbi okungunyaka weshumi nanye kulonyaka kwenzeka, wathi kuyamjabulisa ukubona izinga lalo mcimbi likhula kakhulu unyaka nonyaka.
“Lo mcimbi waqala siwenzela epaki esigcemeni sakwa-G njengoba manje ususenkundleni yezemidlalo iPrincess Magogo futhi awugcini ngokuba umcimbi odlulayo kodwa ushiya umaka omuhle emphakathini ngoba udala amathuba emisebenzi kubantu base-INK (Inanda, Ntuzuma,KwaMashu), uthuthukisa umnotho wasemalokishini, osomabhizinisi bathola ithuba lokumaketha amabhizinisi abo kanye nokuqashwa kwamaciko endawo,” kuchaza uNgwenya.
Ube esebonga abaxhasi bomcimbi okunguMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uMasipala weTheku kuPhiko lweZokuvakasha, uSuperspar KwaMashu nabakwa-Smirnoff Ice, ngokwenza lo mcimbi ube impumelelo.
Uphinde wagcizelela ukuthi nangonyaka ozayo lo mcimbi uzobuya nokunye okuhle okuhlukile.

Abaculi abashiyelane inkundla kubalwa uDuncan, uZakwe, uNtencane, uMawhoo, uDj Maphorisa, uKabza De Small, uDj Socks, uDJ Tira, uShenge waseHlalankosi nabanye, abaphathi bohlelo kubalwa uMdonso noBingelela, uScrewdriver noMzwezwe, Ngizwe Mchunu noGap. Ezokuphepha nazo beziqine kakhulu.