Uncategorised

SIYASHOSHOLOZA MHLAKA 1 JANUARY EDAMINI ENANDA

UMBIKO: ZETHU PHOSWA

UZOKUBA sezingeni eliphezulu kulo nyaka umcimbi iSiyashosholoza okhuza ibuya umcimbi iSyashosholoza ezikuba eMsinsi eNanda Dam eNanda, mhlaka 1 January 2025.

Lo mcimbi okungokwesithathu wethulwe ngoMsimbuluko eSaki Sushi & Sports Bar eHillcrest.

UMnuz Sphakamiso Nzimande obgomunye wabahleli balo mcimbi uthe, iSyashosholoza igqugquzela umphakathi ukuthi ujabule uzibheke.
Uthu lo mcimbi uhluke ngokuthi awukho mayelana nokujabula kuphela kodwa uqhakambisa ukuziphatha kahle empilweni.
“Sisebenzise lo mcimbi ukukhuza ukulwa nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.
Asizinakekele emakhaya, sizinakekele uma siphuma emakhaya.
Siphinde sizibheke ikakhulukazi abashayela izinqola zomlilo, sithi abashayele ngokucophelela bengashayeli bedle amanzi amponjana,”kubeka uNzimande.

Unxuse umphakathi ukuthi abakhonze izinkambi zikaFaro, abahambe nabangazithinti ezikaFaro. Uphethe ngelithi zikhona izindawo zokulala kwabafisa ukulala ngemuva komcimbi.
Amathikithi alo mcimbi aseqalile ukudayisa eComputickets.

Phakathi kwabaculi okulindeleke ukuthi banandise emcimbini iSyashosholoza ilaba Gatsheni, DJ Tira, Jumbo, Duncan, DJ Happygal, Dladla Mshunqisi, DJ Cindo, Limit, Snakho, Stibobo, Malini, Makhosi, Russel Zuma, DJ Nolwazi, Sosha, Tallibans, Dulas, Harrison Cramp, Killerbox nabanye abaningi.