Uncategorised

YAMUKELWE NGESASASA IMIDLALO YOKULWA NOBUGEBENGU EMEHLOMNYAMA

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
umusamedia1@gmail.com

NAKUBA imidlalo kuyaye kuhlonzwe ngayo ukuhlonza nokuthuthukisa amakhono, kodwa kubonakala uhulumeni KwaZulu-Natal eze ngelinye igiya ekulweni nobugebengu, njengoba sewethule imidlalo ekuhloswe ngayo ukulwa nobugebengu iSports against crime.
Le midlalo yethulwe nguNgqongqoshe woMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko naMasiko uMnuz Mntomuhle Khawula, ngesikhathi kunemidlalo, ekuhloswe ngayo ukulwa nobugebengu, eMehlomnyama ePortshepstone.
Uthi le midlalo bayenze ngokubambisa noMnyango wezokuPhepha nokuXhumana noMphakathi oholwa uNdunankulu KwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli.

“Senze le midlalo ukuthi kuliwe nobugebengu. Ngale midlalo sihlose ukulwa nobugebengu obuhlukene nokwenza abantu bangabi uvanzi. Siyadlala kodwa asidlali silwa ngqo ngemidlalo ukunqanda abantu babe nesikhathi esiningi sokucabanga okungalungile ngokuthi sibenze bacabange ngokuzithuthukisa,” kusho UNgqongqoshe Khawula.
UNksz Nokuthula Khanyile oyibamba leNhloko yoMnyango wezokuPhepha nokuXhumana koMphakathi uthi ngale midlalo bahlose ngayo ukunciphisa ubugebengu obuhlukahlukene nobukhungethe kakhulu lesi sifundazwe.
“Ukunikeza abantu ithuba lokuthi baveze amakhona, yikona okuzolekelela ukuthi kunciphe ubugebengu nokusetshenziswa kwezidakamizwa,” kubeka uNksz Khanyile.