Uncategorised

EKAJACINTA ISOLWA UKUTHI IKHULELWE

UMBIKO: ANELE ZUMA noMABUNHLE MLABA
Umusamedia1@gmail.com

ISEYIQHULE elingenambobo eyokuxoshwa kukaJacinta Ngobese-Zuma kumsakazo iVuma FM, oke wayamaniswa nikwenza imikhankaso yeqembu lepolitiki Umkhonto weSizwe Party kodwa wakucacisa ezinkundleni zokuxhumana ukuthi cha uzimele.
Ukuxoshwa kulesi siteshi kususe ukukhuluma okuningi njengoba kuvele kwamehla phezulu njengomoya oyingcwele, okuthe emahoreni ambalwa ekhiphe isitatimende ngokuxoshwa kwakhe, kwabe sekubalala isitatimende esiphuma kuMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal oholwa nguNkk Nomagugu Simelane, bezihlangula ngokuthi banesandla ekuxoshweni kwakhe.
Kube sekuba khona abaseka uJacinta besho ukuthi Hands Off Jacinta, kwangenelela nezinhlangano zamanye amaqembu besola uNkk Simelane.
Abanye baze bakubeka ngembaba ukuthi uJacinta ususwe ngoba esuse elezichwe ngokulwa nabokufika abakuleli ngokungekho emthethweni ukuthi bathole usizo ezibhedlela zakuleli.
UJacinta usememezele ukuthi umhlaka-31 July uzobe egcina ukusakaza kulesi siteshi somsakazo.
UJacinta uveze ukuthi umqashi umnike incwadi yokummisa emsebenzini ngomhlaka-15 July. Lo msakazi waKwaMashu nowaqala ukuzakhela igama kumsakazo womphakathi iVibe FM wadlulela kwiGagasi 99.5FM Ubonge ithuba alinikwe yisiteshi eminyakeni emihlanu edlule, wabonga ukubambisana okuhle phakathi kwakhe nabalaleli.
Kusolwa ukuthi ukuxoshwa kwakhe kumayelana nemibhikisho ayiphushayo lapho elwa nokuthi abokufika kuleli bengakutholi ukusizwa ezibhedlela zakuleli njengoba kuhlale kukhalwa ngokushoda kwemithi.